Unodumehlezi Kamenzi

Unodumehlezi Kamenzi

ZuluPaperback / softback
Kunene Mazisi
University of KwaZulu-Natal Press
EAN: 9781869143176
Available at distributor
Delivery on Monday, 10. of February 2025
CZK 678
Common price CZK 753
Discount 10%
pc
Do you want this product today?
Oxford Bookshop Praha Korunní
not available
Librairie Francophone Praha Štěpánská
not available
Oxford Bookshop Ostrava
not available
Oxford Bookshop Olomouc
not available
Oxford Bookshop Plzeň
not available
Oxford Bookshop Brno
not available
Oxford Bookshop Hradec Králové
not available
Oxford Bookshop České Budějovice
not available
Oxford Bookshop Liberec
not available

Detailed information

Umazisi Kunene yindwele kasonkondlo, obunyoningcwe bakhe kunqakiswana ngabo umhlaba wonke, ungumeluki futhi wemisebenzikazi efana nendeyindekugqama njengale: Emperor The Great – uNodumehlezi KaMenzi ne-Anthem of The Decades – Inhlokomo Yeminyaka. Sikhuluma lapha ngomlobi wezinkondlo ezibalwa uze ukhathale, izindaba ezimfishane, imilolozelo, izaga eziliqoqo elifike ezinkulungwnanei eziyishumi.

Leli qhawe lamaqhawe lazalwa eMahlongwa ngowe 1930, endaweni esogwini lwaseNingizimu naKwaZulu-Natal, eNingizimu Afrika. Isiphiwo sikaMazisi Kunene esasingavamisile entangeni yakhe savela nje esalusa, esenga, ezingela, ebumba izinkunzi zobumba, baziqhathe, enza konke okwakwenziwa ayebutho linye nabo. Kodwa uyise nomkhulu wakhe bashesha babona ukuthi umzukulu wabo wayephiwe ubumbongi ngendlela emangalisayo. Bamkhuthaza ukuba abhale. Kamumva simuzwa eth: “Ukubhala akusimina, kodwa ngamandla angiqhoqhobala njengehhashi”.

Inkambo kaKunene engungqondongqondo emphakathini futhi engusomfundokwazi ovelele, siyilandela sifinyelele koStandford University lapho aba nguSolwazi khona Ebucikweni bokubhala base-Afrika nako-Univesity of California, Los Angeles (UCLA) lapho ayefundisa khona Ubuciko bokubhala base-Afrika nezilimi. Kwathi uma ebuya ekudingisweni waba nguSolwazi we-African Languages e-University of KwaZulu-Natal (UKZN).

USolwazi Mazisi Kunene waba sekudingisweni iminyaka engama 34. Ngaleso sikhathi waqala futhi waphatha ihhovisi le-African National Congress (ANC) eLondon. Kamuva wathatha unkosikazi nezingane zakhe waya eLos Angeles ephokophelele umkhakha wobusomfundokwazi.

I-Emperor Shaka the Great – uNodumehlezi kaMenzi, ngamangwevu uKunene awabhala ngeLembe lapho ayekhombisa khona ubunsengetshe balo emaqhingeni ezempi nasekulweni. Le ndekugqama inanela ukuthi umbonotalagu weSilo uShaka kwakuyikubumba imisinga yosikompilo neyozombusazwe, okwakufanele kube ngumgogodla wokuhlanganisa njengenhlaka isizwe sakwaZulu. UKunene ubona isilo sakwaDukuza sinamandla abaphansi anobumfihlo esasikwazi ukubopha ngasibopho sinye ukuzika kolibo losikompilo kusikompilo lwama-Afrika kanye nendlela ababuka ngayo umhlaba.

Lokhu kushicilelwa futhi kwalo msebenzi ngonyakwa weshumi emva kokuba uMtimande edlulela kwabakubo, kuqukethe iphupho lakhe kwasekuqaleni lokuthi ibhuku liyoshicilelwa ngesiZulu okuyilona lulimi ugqozi lwakhe olwachichima lwaphumela emhlabeni ngalo.

Lokhu kuqondana ngokwesiboniso sosikompilo kulolu shicilelo lukaNodumehlezi kaMenzi – Emperor Shaka The Great kukhuthaza ukuba kuphindwe kudliwe amathambo ekhanda, kubukwa amagalelo kaKunene ekugxiliseni imiqondo yakhe kulokho okucatshangwayo nokwenzakalayo ezikhathini ezahlukene.
EAN 9781869143176
ISBN 1869143175
Binding Paperback / softback
Publisher University of KwaZulu-Natal Press
Publication date March 1, 2017
Pages 528
Language Zulu
Dimensions 202 x 150
Country South Africa
Authors Kunene Mazisi